I-SACP ithi ngeke iyikhankasele i-ANC kusekhona uZuma

2018-04-09 14:03

Johannesbuirg - UMapaila uthi i-SACP ikubeke kwacaca kwi-ANC ukuthi izokuthola kunzima ukukhankasa enkundleni yinye noZuma.

ISouth African Communist Party (SACP) igcizelele elokuthi i-ANC akumele ivumele lowo owayengumengameli wezwe uJacob Zuma ukuba akhankasele iqembu elibusayo ngaphambi kokhetho lukazwelonke olungonyaka ozayo.

Ekhuluma ngeSonto lapho bekuhlonishwa khona uChris Hani eMdantsane, e-Eastern Cape, iphini lokuqala likanobhala jikelele we-SACP uSolly Mapaila uthe inhlangano yakhe ngeke ikhankase ne-ANC uma uZuma eyingxenye yokukhankasela ukhetho.

OLUNYE UDABA: Kuthungathwa iziboshwa ezeqe ejele iSun City

Ngenyanga edlule, uZuma wabonakala emikhankasweni ye-ANC esifundazweni iKwaZulu-Natal, ngesikhathi kuqhutshwa umkhankaso wokubhalisela ukuvota ezweni.

Ngaleso sikhathi, umholi wemikhankaso ye-ANC, uFikile Mbalula, wathi uZuma watshela inhlangano ukuthi uzovolontiya.

UMapaila uthi uma i-ANC izimisele ngokulungisa amaphutha enzeka ngesikhathi kuphethe uZuma, kuzomele ingamvumeli ayikhankasele.

Uthi ngeke bazibandakanye bona nenkohlakalo kanye nezigebengu ngoba nakhu nje kuthiwa benzela ubumbano.

- The Citizen

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.