I-SAFA ihalalisele aMasandawana ngesicoco seligi

2018-05-03 19:24

Cape Town - ISouth African Football Association (SAFA) isihalalisele iMamelodi Sundowns ngokukhala yemuke nesicoco sika-2017/2018 se-Absa Premiership.

Lesi yisicoco sesithathu seDowns ngaphansi kwesandla sikamqeqeshi uPitso Mosimane, okumenza abe ngomunye wabaqeqeshi abahamba phambili ngempumelelo emlandweni wale kilabhu.

UMosimane, 53, wathatha lesi sicoco ngesizini ka-2013/14 neka-2015/17.

Ngemuva kokunqoba lesi sicoco, iSundowns kusho ukuthi isihlabane naso okwesishiyagalombili, okudlula wonke amakilabhu emlandweni we-Absa Premiership.

"Sithanda ukuthatha leli thuba sibongele iMamelodi Sundowns ngomsebenzi omuhle ewenzile ngokunqoba isicoco sika-2017/2018 seligi," kusho isikhulu esiphezulu kwi-SAFA, uDennis Mumble.

"Enye into ejabulisayo yindlela abasinqobe ngayo lesi sicoco.

"Badlale ibhola eliyingcwenga nebelithokozeleka uma ulibuka. Ngemuva kokuphucwa iqatha emlonyeni yiBidvest Wits ngesizini eyedlule, bathembisa ngokuthi bazobuya, nebala benza njalo. Sithi halala maBrazillians," esho.

Lesi sikhulu se-SAFA iphinde yabongela abalandeli beSundowns, umnikazi wekilabhu uPatrice Motsepe kanye nethimba labaqeqeshi.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.