I-SAFA inxusa umphakathi ukuba usize kutholakale 'izixhwanguxhwangu' kolwaseMoses Mabhida

2018-04-23 14:04

Cape Town - ISouth African Football Association (SAFA) isikhiphe isitatimende inxusa amalungu omphakathi ukuba asize ekutheni kutholakale "izixhwanguxhwangu" ezibandakanyekayo odlameni olwenzeke eMoses Mabhida Stadium.

Abalandeli badabule konogada abebeqaphile enkundleni baphinde bacekela phansi impahla enkundleni kanjalo neyabasakazeli ngemuva kokuhlulwa kwekilabhu yabo ngo-2-0 koweNedbank Cup.

Kuthe ngemuva kokukhala kwempempe, iChiefs yaqinisekisa ukuthi uSteve Komphela usesulile njengomqeqeshi wekilabhu.

I-SAFA idalule ukuthi izoxoxisana nePremier Soccer League (PSL) kanye nohulumeni ukuze kuxazululwe lolu daba.

FUNDA ISITATIMENDE NGEZANSI:

ISouth African Football Association (SAFA) iyalugxeka kakhulu udlame olwenzeke emdlalweni wowandulela owamanqamu weNedbank Cup phakathi kweKaizer Chiefs FC neFree State Stars FC eMoses Mabhida Stadium ngoMgqibelo, 21 Ephreli 2018.

I-SAFA inxusa amalungu omphakathi ukuba asize iSouth African Police Service (SAPS) ekutheni kutholakale izixhwanguxhwangu ezithintekayo. Kumele ziboshwe ziphinde zibekwe amacala maduze.

Sesiside isikhathi abaphehli bodlame emidlalweni yebhola bengabekwa amacala ngezenzo zabo, kanti lokho kumele kuphele. Lezi zixhwanguxhwangu ezidale isiphithiphithi eMoses Mabhida Stadium ngoMgqibelo kumele bajeziswe.

Sithanda ukuphinde sithathe leli thuba sifisele labo abalimalile ukululama okusheshayo.

Izigameko ezinjengalesi zicekela phansi isithunzi sebhola lezinyawo ziphinde zone inhloso yokuya ezinkundleni - okuwukuzijabulisa.

Ukuphepha nokuvikelela kwabalandeli, abadlali, abaphathi bomdlalo, abezindaba kanye nabahlinzeki bezidingo kanye nawo wonke umuntu osuke esenkundleni kuhlezi kuseqhulwini.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.