I-SAFA isikhiphe isexwayiso esishubile kuWits

2017-02-22 16:00

Cape Town – Isikhulu esiphezulu seSouth African Football Association (SAFA), uDennis Mumble, usedalule ukuthi bahlela ukuthathela iWits izinyathelo uma ngabe le kilabhu ingamkhululi uPhakamani Mahlambi ukuze ezodlala kumqhudelwano i-U20 Africa Cup of Nations (AFCON).

Lo mdlali oneminyaka engu-19 ubudala ubizwe ukuthi azodlalela Amajita njengoba ebelokhu eshaya into ecokeme kumaClever Boys kule sizini njengoba le kilabhu isembangweni wesicoco seligi.

Kodwa-ke iWits ishaya phansi ngonyawo ngokudedela lo mdlali ngenxa yokuthi lo mqhudelwano awukho ngaphansi kwekhalanda le-FIFA.

OLUNYE UDABA: UMengameli weFIFA uvakashele iSAFA

Ngokombiko weSowetanLIVE, uMumble uthi ukubizelwa komdlali eqenjini lesizwe iyona nto ebaluleke ukuzedlula zonke, wathi futhi uma ngabe iWits iqhubeka nokudaza inkani iSAFA izoyithathela izinyathelo.

“Sesimfake ohlwini futhi silindele ikilabhu ukuthi ikhulule umdlali. Sesivele sesiyazisile ikilabhu ukuthi sizothatha izinyathelo uma bengamkhululi umdlali,” kusho uMumble ngoLwesibili.

“Okusalayo ukuthi, iqembu lesizwe libaluleke kakhulu ukwedlula ukuzinikela ekilabhini futhi angeke size siguquke kulokho.

“Ayikho enye ikilabhu kuligi esike yakuphikisa, futhi ngalokho, noma ngabe iyiphi ikilabhu edala ukubanjwa kwabadlali sizoyithathela izinyathelo futhi ngikholwe uma ngithi siyithathela izinyathelo njengoba sikhuluma.”

Umqhudelwano we-U20 AFCON uzoqala kule mpelasonto ngeSonto, mhlaka-26 kuFebhuwari eZambia, kanti uyoze uphele ngomhlaka-12 kuMashi. 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.