I-SASSA ne-SAPO bazosayina isivumelwano ngoLwesihlanu oluzayo

2017-11-08 14:01

Cape Town – Kulindeleke sisayinwe ngoLwesihlanu oluzayo isivumelwano sokusebenzisana phakathi kweSouth African Social Security Agency (Sassa) neSouth African Post Office (SAPO).

Amalungu ePhalamende ngoLwesibili atshelwe ukuthi luzosheshiswa uhlelo lwePost Office lokwakhiwa kwe-integrated IT payment system ukuholela abantu imali yesibonelelo sikahulumeni.

Kodwa nakuba kunjalo, akudalulwanga lutho ngezinye izinhleo ezintathu ngalolu hlelo lokuholela abantu: izinhlelo zebhange, ukukhiqizwa kwamakhadi nangokuthi bazohola kanjani abantu.

Uhlelo lomklamo nemininingwane ngesivumelwano kuzodingidwa ngakho yithimba eliholwa nguMqondisi woMnyango wePlanning, Monitoring and Evaluation, uNompumelelo Mpofu.

OLUNYE UDABA: Kushone umfana omncane kubanjwa inkunzi i-ambulensi

Usihlalo wekomidi longqongqoshe, uJeff Radebe uyena obekhuluma namalungu ePhalamende, ngemuva kokuthola umbiko ovela kuMgcinimafa ngokuhamba kancane kwezingxoxo kuleli sonto.

URadebe uthe ithimba elizobamba izingxoxo kulokhu lihlanganisa abakwa-Sassa, SAPO, aboMnyango wezaseKhaya, abezokuPhepha koMbuso, bese bebikela ikomidi longqongqoshe ngokuqhubekayo.

URadebe uphinde waqinisekisa abantu baseNingizimu Afrika ngokuthi awekho amakhadi azophelelwa yisikhathi sokusebenza ngoDisemba 31 obekungumqamulajuqu.

Uthe njengohulumeni bazibophezele ngokuqhamuka nohlelo olusha lokuhola ngaphambi komhlaka-31 Mashi 2018.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.