I-SPCA ibavulele icala abafana abaziqopha bebulala inja

2016-07-27 08:02

Cape Town - Abakwa-Society for the Prevention of Cruelty to Animals (SPCA) bavulele icala abafana abangu-8 ngokubulala inja.

Isigameko saqoshwa kwi-video yeselula.

Kule video la bafana baseManenberg eKapa babonakala behlukumeza inja ngaphjambi kokuyilengisa beyishaya nangezitini ize ife.

OLUNYE UDABA: Izingane ziziqophe zibulala inja ngesihluku

La bafana abaneminyaka ephakathi kwengu-7 nengu-17 ubudala bahudulela inja endaweni esehlane beyidonsa ngentambo.

Lezi zingane zabafana zazihamba nenja yazo yohlobo lwe-Pitbull ezayiphoqa ukuba ihlasele le enye.

Omunye wabafana uzwakala kule video ethi: "Bakithi. Uzofa, namuhla. Uzofa, hhayi kusasa. Namuhla".

Ngemuva kwemizuzu embalwa ihlukunyezwa inja, ibe isilengiswa esihlahleni yashaywa ngamatshe yaze yafa.

Abakwa-SPCA babikelwa ngevideo kulandela ukusabalala kwayo ezinkundleni zokuxhumana bathi la bafana kufanele bafundiswe isifundo, kubika i-eNCA.

- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter                

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.