I-SPCA iphenya esokutholakala kwemfene efile ekhabetheni emzini womuntu

2017-08-11 14:04

Cape Town – ICape of Good Hope SPCA iphenya isigameko sokuthi itholakale kanjani imfene efile ekhabetheni emzini oseGugulethu.

Kuqoshwe i-video yale mfene efile yasatshalaliswa ezinkundleni zokuxhumana ngoLwesine olwedlule. Umfundisi "wezwa" ukuthi kunotokoloshe emzini wowesifazane wabe esethola imfene efile ekhabetheni lakwakhe.

Isidumbu sale mfene sakhishwa sagwazwa onqenqemeni lomgwaqo ngaphambi kokukhonjiswa ngayo mphambi kwebandla.

OLUNYE UDABA:Izingane ziziqophe zibulala inja ngesihluku

Ngesikhathi abakwa-SPCA bevakashele emzini walo wesifazane ngoMsombuluko, wathi ukuvela kwalesi silwane "kuyisipho esivela kuNkulunkulu," kusho okhulumela iCape of Good Hope SPCA, uBelijnda Abraham etshela iNews24.

"Asisiyo inhlangano yenkolo noma elandela amasiko, ngakho asifuni ukuphoxa, kodwa asikholwa wukuthi le mfene ivele yaqhamuka manje.

"Sinalokuthi le mfene ibulewe wumuntu othile wase eyifaka ekhabetheni."

Akukholakali ukuthi le mfene izifikele yona kulo muzi. Azikho izindawo zezimfene eduzane naseGugulethu, usho njalo.

Umfundisi akatholakalanga ukuphawula ngesikhathi abeNews24 bemshayela ucingo.

U-Abrahams uthe abakwa-SPCA bayaqala ukubhekana nesigameko esinje.

Amalungu omphakathi anolwazi ngalolu daba ayacelwa ukuba ashayele abakwa-SPCA ku-021 700 4158/9.

"Kusekude ukuba luphothulwe uphenyo. Asikwazi ukuvumela ukuhlukunyezwa kwezilwane."

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.