I-SuperSport imemezele u-Eric Tinkler njengomqeqeshi omusha

2017-06-08 16:30

Cape Town – Ngemuva kwesikhathi esingakanani esule isigubhukane kuCape Town City FC, iSuperSport United isiyethule u-Eric Tinkler njengomqeqeshi omusha weqembu.

Lo mqeqeshi oneminyaka engu-46 ubudala uchithe isikhathi esingaphansi kwezinyanga ezingu-12 eMother City, njengoba ahola amaCitizens – ngesizini yawo yokuqala esigabeni sePremiership – nalapho egcine ethathe khona isicoco seTelkom Knockout Cup aphinde aqeda esendaweni yesithathu kuligi ye-Absa Premiership.

I-CEO yeSuperSport, uStanley Matthews, uthi le kilabhu ijabule ifile ngokuthola uTinkler futhi ukholwa ukuthi lo mqeqeqeshi owayengukaputeni weBafana Bafana uzibonakalisile kuCity.

“Sijabule ngo-Eric eyisa iqembu phambili. Usazibekela umaka njengomdlali waphesheya futhi nanjengomqeqeshi, unerekhodi elihle kakhulu lokwakha abadlali abancane kanye nokuncintisana kanzima kwiPSL,” kusho uMatthews esitatimendeni.

OLUNYE UDABA: Usule isigubhukane umqeqeshi welePSL okhonjwa ku-United

“Ngokuhlungelwa imiqhudelwano eyehlukene yasekhaya kanye nowamanqamu wezwekazi, usewakhombisile amava akhe okuba ngomunye wabaqeqeshi abakhulukazi eNingizimu Afrika kwingomuso.”

ICity iqinisekise ukuthi aMatsatsantsa asebenzise umbandela wokuthengwa ngenhloso yokukhipha kwinkontileka uTinkler njengoba ekhethe ukushiya iKapa alibangise ePitoli.

I-United ibilokhu izama ngayo yonke indlela ukuthola umqeqeshi ozovala isikhala kulandela ukuthi uStuart Baxter amukele umsebenzi wokuqeqesha iBafana Bafana, nalapho abaqeqeshi ababili ababeqeqesha i-Orlando Pirates, uRuud Krol kanye noRoger de Sa bobabili bebeyamaniswa nokuvala isikhala sakhe.

Kodwa-ke uBaxter unomdlalo owodwa osamsalele esebhentshini labaqeqeshi kuSuperSport kanti uzobe ebheke ukuvala ngegiya eliphezulu ngokuthi athathe isicoco.

UBaxter uyena ozobe ehola iSuperSport emdlalweni wamanqamu uma ngabe isibhekene ne-Orlando Pirates ngoMgqibelo, mhlaka-24 kuJuni, emdlalweni womqhudelwano we-Nedbank Cup.

Iqembu elizowina lizothola ithuba lokudlala emqhudelwaneni wangonyaka ozayo weCAF Confederations Cup.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
 

Kim Kardashian-West buys fake testicles to boost her dog’s self-esteem

Kim Kardashian is known for her over-the-top lifestyle and crazy spending habits. This may be a little extreme though…

 

Paws

10 tips on exercising your dog
Our top picks for doggo post of the week
Meet the unstoppable two-legged cat taking over the interwebs!
10 foods you should NEVER feed your dog!
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.