I-TB 'ayinandaba nokuthi uzalwa ebukhosini noma cha', kusho indodana yeSilo samaBandla

2018-03-22 19:30

Durban - Lowo oyinxusa lesifo sofuba futhi owasinda kuso, uMntwana uNhlanganiso Zulu, usexwayise abantu nobungozi balesi sifo.

Ubekhuluma emcimbini wokubungaza iWorld TB Day obubanjelwe eThekwini ngoLwesine. UZulu, owalahlekelwa yiphaphu elilodwa ngenxa yesifo sofuba, ugqugquzele abantu ukuba bahlolele lesi sifo kusekuhle.

"Eminyakeni eyisikhombisa eyedlule, odokotela bathola ukuthi ngine-TB. Njengomnqobi wayo, ngathatha isinqumo sokuba yinxusa ukuze ngifundise abantu ngobungozi obuhambisana ne-TB," esho.

UZulu, oyindodana yeSilo samaBandla uGoodwill Zwelithini kaBhekuzulu, uthe lesi sifo asinandaba nokuthi uqhamuka kumuphi umndeni.

OLUNYE UDABA: I-TB nesifo sikashukela yikhona okuqeda kakhulu abantu kuleli - Stats SA

"Asinandaba nokuthi uzalwa ebukhosini noma cha. Imindeni eminingi ilahlekelwa ngabantu abamise amakhaya ngenxa ye-TB," exwayisa.

Uthi wachitha isikhathi esiyizinyanga ezintathu eNkosi Albert Luthuli Central Hospital, eThekwini.

"Kwakunesikhathi lapho engangishaya u-27kg nje kuphela esikalini. Ubaba wami wayengasakwazi nokuqhuba umsebenzi wakhe ngenxa yesimo sempilo engangikuso ngaleso sikhathi," esho.

UZulu uthe kwamthatha isikhathi esiyizinyanga ezingu-9 ukuqeda imishanguzo ye-TB, njengoba ngokwejwayelekile ithatha izinyanga eziyisithupha, ngenxa yokuthi "amaphaphu ami ayengasasebenzi".

Uthe imindeni enabantu abane-TB kumele ibagqugquzele ukuthi bawadle kuze kuphele izinyanga eziyisithupha amaphilisi.

Izimpawu ze-TB zibandakanya ukukhwehlela isikhathi esevile emasontweni amabili, ukuvaleka kwenhliziyo kanye nokukhwehlela igazi.

Udaba oluphelele lapha.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic

Jobs in Cape Town [change area]

Jobs in Western Cape region

Reporting Accountant

Cape Town
Network Finance Professional / Prudential
R310 000.00 - R360 000.00 Per Year

IT Manager (contract)

Cape Town CBD
Communicate Cape Town IT
R330 000.00 - R458 000.00 Per Year

Cluster Financial Manager

Cape Town
Network Finance
R950 000.00 - R1 000 000.00 Per Year

Property [change area]

There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.