I-UCT imemezele ukunyuka kwemali yokufunda

2017-12-22 19:24

Johannebsurg - Umkhandlu wenyuvesi, i-University of Cape Town (UCT) imemezele ngoLwesihlanu ukwenyuka kwemali yokufunda kulesi sikhungo ngonyaka ozayo.

Imali yokufunda izonyuka ngo-8%, eyokuhlala ngaphakathi yona izokwenyuka ngo-10% kanti eyokudla izonyuka ngo-12% ngo-2018.

OLUNYE UDABA:Imfundo yamahhala eyabampofu kuphela - ANC

Esitatimendeni, uMax Price oyiSekela likaShansela uthe uphuzile ukwenza lesi simemezelo njengoba ubengakabinaso isiqiniseko sokuba izosebenza kanjani inqubomgomo emenyezelwe ngumengameli.

UPrice ubekhuluma ngesimemezelo sangesonto eledlule sikaMengameli Jacob Zuma semfundo yamahhala ezokwethulwa ngonyaka ozayo kubafundi abazobe benza unyaka wokuqala emanyuvesi, abaphuma emakhaya adla imbuya ngothi kanye nalawo angenisa imali engaphansi kuka-R350 000 ngonyaka.

Lesi simemezelo se-UCT siza ngemuva kwesiphakamiso sokuqala esakhishwa ngoNovemba, esabona kubheduka imibhikisho kulesi sikhungo abafundi bezama ukuphoqa uZuma ukuba akhiphe umbiko kanye nezincomo ezenziwa yiHeher Commission.

Le khomishini yasungulwa nguMengameli Zuma ngo-2016 kulandela imibhikisho eyayithe chithi saka emanyuvesi akuleli. Kwakuhloswe ngayo ukuthola izisombululo mayelana nodaba lwemfundo yamahhala ngemuva kwemibhikisho ye-#FeesMustFall.


 - eNCA

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.