I-UDM ifuna kukhishwe ngokushesha uTrollip we-DA kwesobuMeya

2017-08-25 19:30

Port Elizabeth – Sekufinyelele kwelinye izinga ukungaboni ngaso linye phakathi kwamaqembu ezepolitiki abusa ngokubambisana kuMasipala waseNelson Mandela Bay, okuyi-DA kanye ne-UDM, njengoba i-UDM ithi imfuna ephumile esikhundleni oyiMeya, u-Athol Trollip.

Umholi we-DA, u-Mmusi Maimane, ubhalele incwadi umholi we-UDM, uBantu Holomisa, ngoLwesine emnxusa ukuba angabeki lokhu kubusa ngokubambisana engcupheni njengoba kuvele imibiko yezinsolo zenkohlakalo ezoholele ekukhishweni kukaSekela Meya, uMongameli Bobani, we-UDM.

Ngaphambilini uHolomisa usabise ngokuthi iqembu lakhe lizohoxa kulesi sivumelwano sokubusa ngokubambisana ngaphandle uma uBobani, okhishwe ngevoti ngoLwesine esiphakamisweni sokungamethembi, ebuyiselwa esikhundleni ngoMsombuluko.

OLUNYE UDABA: UMaimane unxusa i-UDM ukuba ingaphumi kuhulumeni waseNelson Mandela Bay

Lo mholi we-UDM useyiphendulile le ncwadi kaMaimane nge-email, nalapho ebesonga khona ngokuthi bazocabanga ukuthi baphinde basebenzisane futhi ne-DA uma ngabe isusa uTrollip njengeMeya.

“Uma ngabe nifuna i-UDM iqhubeke nokubusa ngokubambisana e-NMBMM besingaphakamisa ukuthi nishintshe uTrollip ngomuntu ozohlonipha izivumelwano zokubusa ngokubambisana,” uHolomisa ubhalele lezi zinhlangothi ngoLwesihlanu.

Usole uTrollip ngokuzithwala ngokusebenzisana nePatriotic Alliance (PA) ngaphandle kokwazisa abalingani bokubusa ngokubambisana. Ubekhuluma ngelungu le-PA elivote lesekela isiphakamiso sokungamethembi uBobani.

UHolomisa  uqhube wathi ukuba “nenkani” kukaTrollip kulokhu kubusa ngokubambisana “kuqubula imibuzo eqinile ngokuthi ubani ophethe kwi-DA”.

NgoLwesihlanu iDA iqhubekile nokunxusa uHolomisa kanye ne-UDM ukuthi babeke abantu baseNelson Mandela Bay phambili. 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.