I-UDM neCope bafuna uZuma akhokhe u-R1m ngaphambi kokuya enkantolo

2018-01-24 12:31

Johannesburg - I-United Democratic Movement neCongress of the People bafuna uMengameli Jacob Zuma ukuba akhokhe u-R1 million kuqala ngaphambi kokuqhubekela phambili nokufaka isicelo sokudluliswa kwesinqumo eNkantolo eNkulu yaseNorth Gauteng mayelana nolweState capture.

Esicelweni sokuvikeleka kwezindleko, la maqembu ezombusazwe athi ukuphikisa kukaZuma isinqumo esamthola enecala kufana nokuhlukumeza imigudu yezinkantolo.

"Ukufakwa kwesiceo sokubuyekeza isinqumo ukuze sidluliswe, nakho kukodwa kungenye yezindlela zokuhlukumeza imigudu yezinkantolo," kusho amaphepha afakwe enkantolo.

OLUNYE UDABA: UZuma uxwayise abafuna kwenziwe uphenyo nge-state capture

Ngomhlaka-13 Disemba, amajaji eNkantolo eNkulu yaseNorth Gauteng, ePitoli, athola ukuthi isicelo sikaZuma sokuba kubuyekezwe izincomo ezenziwa yilowo owayenguMvikeli woMphakathi uThuli Madonsela ngodaba lokubanjwa koMbuso ngobhongwane, saba budedengu.

UZuma wayefuna inkantolo ukuba ibeke eceleni izincomo zikaMadonsela, phakathi kokunye ezaphakamisa ukuthi iNhloko yamaJaji uMogoeng Mogoeng kube nguye ozoqoka ijaji elizokwengamela ikhomishini yophenyo kolweState capture.


Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.