I-UNIZULU izochaza ngemali engu-R4.5m yenhlawulo mbumbulu eyayithola

2017-09-01 14:01

Johannesburg - UMnyango weMfundo ePhakeme utshele iphephandaba iThe Citizen ukuthi inyuvesi yaseZululand kumele ichaze ngemali engango-R4.5 million okuthiwa ikhokhelwe izindleko.

Kuthiwa le mali isebenze ukukhokhela izindleko zokulimala kwempahla ngesikhathi kunemibhikisho ye-#FeesMustFall.

Leli phephandaba lithole ukuthi yize le nyuvesi yakhipha imibiko emibili yokuthi lesi sikhungo kube yisona sodwa kuleli esingazange sibe nezinkinga zemibhikisho ngonyaka ka-2015 no-2016, sithole imali evela kulo Mnyango yokulungisa impahla elimalile ngenxa yeziteleka.

OLUNYE UDABA:INehawu isiziqhelelanisile nokusha okwenzeke e-UniZulu

Ngesikhathi kuphendulwa imibuzo ePhelamende, uNgqongqoshe weMfundo ePhakeme uveze ukuthi unesabelo sezimale esilinganiselwa ku-R40 million kanti le nyuvesi ithole u-R4.5.

Okhulumela lo Mnyango uMadikwe Mabotha, ukuqinisekisile ukuthi lesi sikhungo siyitholile le mali sathi silungise i-West Dining Hall kanye ne-East Recreation Centre ezalimala ngemibhikisho yango-2015.

Lo Mnyango uphikile ukuthi kunetulo lokudla imali kodwa wathi le mali ikhishwe ngokwesicelo sale nyuvesi.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.