I-video eqoshwe ngeselula isize amaphoyisa ekuboshwe kwabasolwa

2017-08-14 09:32

Johannesburg – Amaphoyisa kaMasipala eKurhuleni asebenzise i-video kamakhalekhukhwini ukuthola abantu abane abashaye babulala omunye eBenoni, kusho okhulumela amaphoyisa ngeSonto.

UKobeli Mokheseng uthe ababulali ebebehamba ngamatekisi amabili ohlobo lweToyota Quantum kanye neToyota Conquest bame ekhoneni lika-Actonville bashaya umuntu oneminyaka engu-30 ubudala owayehamba ngonyawo.

Kuthe uma sebeqedile ngaye, bahlukana, bengaboni ukuthi kukhona abantu ebababonayo.

Ehlome nge-video, amaphoyisa kamasipala aqalise ukubathungatha, athola ababili endaweni yokucima ukoma eseduzane.

OLUNYE UDABA: Kuboshwe isalukazi 'ngokushisa imijondolo' kwashona oyedwa

Kuthiwa bavumile ukuthi bashaye isisulu kodwa bathi bakwenze lokho ngoba sahlasela salimaza umngani wowesilisa wemoto yohlobo lweConquest wangeniswa esibhedlela.

Abantu ababili abebehamba ngeConquest babonakale ngokuhamba kwesikhathi behamba ngemoto bephuma eTambo Memorial Hospital eBoksburg, baboshwa.

Abanye basagcwele izinkalo.

Abasolwa abane ababoshiwe bazovela eNkantolo kaMantshi eBenoni maduzane.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.