I-VIDEO: OwezeMfundo e-KZN uphenya esomfundi 'ogwazwe ngesikelo ekilasini'

2018-03-02 16:01

Durban - Sekusabalale i-video enkundleni yezokuxhumana etshengisa kugwazwa ngesikelo umfundi wesinye sezikole eziseThekwini ngesikhathi kuliwa ekilasini.

Omunye wabafundi ubonakala enikeza omunye umfundi isikelo, ngemuva kwesikhashana kube sekubonakala sengathi kukhona ogwaziwe.

Owe-DA uRishgen Viranna ukholelwa ekutheni le video yathathwa emasontweni amabili edlule kwesinye sezikole samabanga aphezulu esiseThekwini.

UKwazi Mthethwa, okhulumela uMnyango wezeMfundo, uthe basazama ukuthola ukuthi lesi sigameko senzeka kwesiphi isikole futhi kuphi nesifundazwe.

"Sesiyibonile i-video, ngingakuqinisekisa lokho kodwa angeke ngikwazi ukuqinisekisa ukuthi senzeke kwesinye sezikole zethu. Okwamanje sithembele kwiziphathimandla zesikole, isekhethe kanye nesifunda," kusho uMthethwa.

UMthethwa uthe kuzothathwa izinyathelo uma isigameko senzeke KwaZulu-Natal.

"Asihambisani nodlame futhi uma la bafundi bekwesinye sezikole zethu, sizobhekana ngqo nodaba," esho.

 - IVIDEO:

 - Newswatch

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.