IBafana inenkinga yokufaka amagoli - Zungu

2017-11-15 14:04

Cape Town - UBongani Zungu ukholelwa ekutheni iBafana Bafana inenkinga yokufaka amagoli kulandela ukuhlulwa ngo-2-1 yiSenegal emdlalweni wokugcina wokuhlungelwa iNdebe yoMhlaba ka-2018.

Lo mdlali wasesiswini, oqale umdlalo kanye noDean Furman, ukholelwa ekutheni yize iNingizimu Afrika inalo ithalente lokuqhudelana namaqembu avelele, kepha banenkinga enkulu yokubhakuzisa inethi.

“Ayenqaba nje ukungena amagoli; into ebaluleke kakhulu ebholeni lezinyawo ukufakwa kwamagoli," kusho uZungu ecashunwa yiKickOff.com.

“Ngicabanga ukuthi sinabadlali abasezingeni eliphezulu, futhi sidlala kahle. Ngicabanga ukuthi kunezikhathi lapho besidlala ibhola elimnandi khona; sekusele ukuthi sifake amagoli.

OLUNYE UDABA: IBafana Bafana isithelekile eSenegal

“Sibe namathuba alula okufaka amagoli kepha ibhola linjalo-ke; uma ungawasebenzisi amathuba labo adlala nabo bazowasebenzisa. Ngicabanga ukuthi iqembu likhula kahle, sekushoda ukuthi sifunde ukufaka amagoli."

Igoli lika-Opa Nguette yilo elihambise phambili iSenegal kulo mdlalo obubanjelwe eStade Leopold Sedar Sengho, eDakar.

Ngemuva kwemizuzwana, uThemba Zwane ushwebe iphenathi, nokho uPercy Tau wakwazi ukufaka elokubika ekhaya.

Elesibili leSenegal lifakwe nguKara Mboji.

"Kuyajabhisa ukuthi asizange sihlungelwe ukuya eRussia. Ngicabanga ukuthi bekumele siwunqobe umdlalo wesibili, kepha asizange siwasebenzise amathuba," kusho uZungu.


Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.