IBafana inyukele phezulu ohlwini lwe-FIFA

2016-11-24 14:28

Cape Town – IBafana Bafana isinyuke ngezindawo ezimbili ohlwini lwe-FIFA lwamaqembu ahamba phambili emhlabeni kulandela ukushaya kwayo iSenegal, lokhu kumenyezelwe ngoLwesine.

Lokhu kuzuza kweBafana kuza njengoba iSouth African Football Association (SAFA) isanda kumisa umqeqeshi weBafana, uShakes Mashaba, ngemuva kokushaya iSenegal ngo-2-1 emdlalweni wokuhlungela iNdebe yoMhlaba ngonyaka ka-2018.

OLUNYE UDABA: ISAFA imise umqeqeshi weBafana Bafana

Umsizi womqeqeshi, u-Owen Da Gama, uyena osebambe njengomqeqeshi weBafana njengoba uMashaba kulindeleke ukuba aqondiswe izigwegwe ngoLwesine, mhlaka-1 kuDisemba.

INingizimu Afrika isihleli endaweni yesi-11 kuhlu lwamaqembu ahamba phambili ezwenikazi i-Afrika, kanti iBurkina Faso yona ikwazile ukuthi ibalwe namaqembu angu-10 ahamba phambili.

Ngakolunye uhlangothi iBrazil isinyukele endaweni yesibili kumaqembu ahamba phambili emhlabeni jikelele, njengoba ilandela i-Argentina, nokuyiyona ezihola phambili.

Ngemuva kokuhluleka ukuhlungelwa imidlalo ye-2017 Africa Cup of Nations (AFCON) ezokube iseGabon, umdlalo olandelayo weBafana uzoze ube ngo-Agasti ngonyaka ozayo njengoba iqhubeka nokuhlungelwa imidlalo yeNdebe yoMhlaba ezobe ingonyaka ka-2018 eRussia.

 Amaqembu ayishumi ahamba phambili kwiFIFA:

1. Argentina 

2. Brazil 

3. Germany 

4. Chile 

5. Belgium 

6. Colombia 

7. France 

8. Portugal 

9. Uruguay 

10. Spain 

Okunye:

60. South Africa 

Amaqembu ahamba phambili ohlwini lweCAF:

1. Senegal

2. Cote d'Ivoire

3. Tunisia

4. Egypt

5. Algeria

6. Congo DR

7. Burkina Faso

8. Nigeria

9. Ghana

10. Morocco

Okunye:

11. South Africa


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.