IBaxter udalula isu ajuqe ngalo iPirates

2017-06-27 11:00

Durban - Uveze iqhinga ajuqe ngalo i-Orlando Pirates uStuart Baxter ongumqeqeshi weSuperSport United elobole iBucs ngo-4-1 kowamanqamu weNedbank Cup ngoMgqibelo ebusuku eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.

UBaxter uthi uyakwazi kusuke kumele akwenze nxa ebhekene neBucs, kubika ILANGA.

Uthi ubungozi bayo yibona kanye asebenzela kubona ngoba bubuye buyenze ibe buthaka. Amagoli anqobise ezikaBaxter okuyizona ezivikela isicocon avalelwe enethini ngoBradley Grobler amabili, uJeremy Brockie noKingston Nkhatha kwathi eleBucs lokukhombisa ukuthi ibikhona kulo mdlalo laqulelwa enethini ngu-Oupa Manyisa kuyiphenathi.

UBrockie uhlulwe yiphenathi ebizokwenza iSuperSport inqobe ngo-5-1. ISuperSport iyiphuzeinyongo iBucs kule sizini njengoba ike yayitalabha ngo-6-1 eMbombela Stadium, eMpumalanga.

OLUNYE UDABA: Kukhalwa ngoqhekeko kwiBucs

Ukungabi nazwelo kweSuperSport kucike abanye abalandeli beBucs abajikijele izinto ezithile enkundleni okuyinto ecishe yadunga lo mdlalo obuhanjelwe yizinkumbi zabantu.

"Isiwombe sokuqala sibe yilokhu ebesivele sikulindele. Sishintshe izinto ezincane ngesikhathi sekhefu. IBucs ithembele kakhulu kubadlali abathile abayithwalayo. Singene ngalelo nxeba (sabavalela ekopini).

"Ngibabongela kakhulu abadlali bami ngalo mphumela. Nami ngiyayijabulela le nkomishi ngoba inyusa i-CV yami. Sengiyobhekana nenselelo entsha yokucija iBafaba Bafana. Ngiyakujabulela kakhulu ukunikwa leli thuba," kusho uBaxter.

ISuperSport izifake emlandweni ngokuba yikilabhu yokuqala ukuqukula indebe yeNedbank amahlandla amathathu.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.