Ibelethile ingane 10, eyadlwengulwa

2017-08-18 12:30

New Delhi - Sesibelethile isisulu sokudlwengulwa esineminyaka engu-10 ubudala, esanqatshelwa yiNkantolo eNkulu yaseNdiya ukuba sihushule isisu, kusho udokotela ngoLwesine.

Le ntombazane, igama layo elingeke lidalulwe ngezizathu zomthetho, ithole ingane yentombazane ngemuva kokudlwengulwa ngumalume wayo okumanje usesitokisini.

Ngenyanga edlule abazali bayo bacela inkantolo enkulu ezweni ukuba ingane yabo ivunyelwe ukusikhipha isisu kodwa inkantolo yala.

OLUNYE UDABA: Isigcinwe endaweni ephephile ingane 'ebilalwa ngunina'

Umthetho waseNdiya awuvumi ukuba sikhishwe isisu uma sekudlule amasonto angu-20 owesifazane ekhulelwe, ngaphandle uma kunezinkinga eziphoqayo.

"Le ntombazane ibelethe ngomthungo ngoLwesine. Bobabili umama nengane basisimeni esikahle ngokwempilo," kusho udokotela uDasari Harish etshela i-AFP ngocingo esedolobheni elisenyakatho yeNdiya, iChandigarh.

"Azibanga khona izinkinga ngesikhathi le ntombazane ibeletha, isisindo sengane sibe ngu-2.2 kg kanti isegumbini labagula kakhulu okwamanje."

Abezindaba iPress Trust of India bathe le ntombazane ibingazi nokwazi ukuthi isibelethile kanti abazali sebenqume ukuba ingane baphisane ngayo.

Abazali bayo bayitshele ukuthi ibinetshe esiswini yingakho ibiyohlinzwa ukuze lizokhishwa, kusho abe-PTI. 

Ngokwezibalo zikahulumeni, ngo-2015 kwabikwa amacala okudlwengulwa kwezingane angu-20 000.

Izwe iNdiya lidume kabi ngamacala okunukubeza izingane ngokocansi kanti ngo-2015 kwabikwa amacala okudlwengulwa kwezingane angu-20 000, lokhu kungokwezibalo zikahulumeni.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.