Ibhange ladayisa indlu esikhokhelwe yaqedwa ngo-R10

2017-05-30 16:00

Johannesburg – U-Ernest kanye noSipho Mashaba sebekhishwe izikhathi ezine ekhaya labo eliseKatlehong, eLikole Extension 1, yize noma selikhokhelwe laqedwa. Manje lo mdeni usubhekene nokuphinde ukhishwe okwesihlanu kulo muzi wawo ongaseGoli.

Ngaso sonke isikhathi uma ngabe isikhonzi senkantolo kanye nophiko lwezintuthwane ezibomvu (red ants) befika ukuzokhipha izimpahla zabo kuleli khaya, u-Ernest Mashaba kanye nomdeni wakhe baphinde babuyele kule ndlu njengoba bethi bayikhokhela ngegazi, izithukuthuku kanye nezinyembezi.

“Le ndlu ngeyami,” kusho uMashaba. “Ngathatha imali ebolekisayo neSA Perm (eyabuye yathengwa uNedbank) ngo-1993 futhi angikaze ngiphuthwe ukukhokha. Sengikhokhele le ndlu ngokugcwele. Manje kungani ngikhishwa?”

Lona ngumbuzo iGroundUp ewubuze uNedbank nalapho uphendule ngokuthi sekunesikhathi eside kakhulu esesidlulile lezi zigameko zenzeka nokwenza kube nzima ukuziphenya futhi nophenyo luthatha isikhathi eside.

“Akusiyo into esisizayo noma esiza ikilayenti ukudla izindlu. Sinxusa futhi simema amakilayenti ukuthi asithinte uma ngabe eqala nje ukubhekana nezinkinga zezimali, ukuze sizozama ukuthola isixazululo esingcono kubona.”

UMashaba, nosethathe umhlalaphansi, wathenga lo muzi ngemuva kokusebenza cishe impilo yakhe yonke njengonogada esibhedlela esiseduze, iKnights Hospital. Ngo-1993 wabe eseboleka imali ezalayo (loan) engu-R41 485 eSA Perm ukuze athenge le ndlu yamaphupho akhe eKatlehong.

Lesi sikweletu wasikhokhela waze wasiqeda ngemali engu-R585 eyayibanjwa kwi-account yakhe njalo ngenyanga.

Kodwa-ke wathuka woma ngesikhathi sekufika isikhonzi senkantolo sithi lo muzi wakhe usudayiselwe umnikazi omusha. Uthi yena ubengakaze ezwe ukuthi uNedbank usumthathele izinyathelo njengoba kade engakaze athole ngisho incwadi yasenkantolo noma atshelwe ukuthi usalele emuva ngokukhokha.

Inani lemali eyakhokhwa uNedbank ngendlu kaMashaba endalini yokudayiswa kwawo kwaba ngu-R10 nje kuphela.

Kodwa-ke uNedbank uthi lokhu kuyadida ngoba wona wafaka esikweletini sikaMashaba yonke imali ayeyikweleta. Kodwa uMashaba wayelokhu eqhubeka nokukhokha inyanga nenyanga, engazi ukuthi umuzi wakhe usunomnikazi omusha. 

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.