Ibhange loMbuso lizosebenzisana noMvikeli woMphakathi ngoluthinta u-Absa

2017-01-18 14:30

Johannesburg – Umphakathi weBhange loMbuso, uLesetja Kganyago, uthi leli bhange lizosebenzisana noMvikeli woMphakathi ngemininingwane emayelana nombiko othinta izimali ezakhishwa uhulumeni wobandlululo ukutakula ibhange lakwa-Absa.

Umbiko wesikhashana oputshukile ususe ukuphikisana ngeqhaza lebhange loMbuso ekubolekiseni ngale mali.

Lo mbiko, oveza ukuthi usayinwe uMvikeli woMphakathi omusha, uBusisiwe Mkhwebane, uthi uThabo Mbeki kanye nohulumeni wakhe bephula umthetho ngokungazami ukubuyisa imali engaphezu kuka-R2-billion iBankcorp eyayiboleka i-Absa.

OLUNYE UDABA:  Izakhamuzi zaseLimpopo ngeke zisaqhubeka nombhikisho

UKganyago uthe: “Sesinawo umbiko wesikhashana njengeSouth African Reserve Bank. Sisawufunda kodwa ukuze sithole ukuthi okubhalwe khona kuyiqiniso yini. Sinayo imiqulu ezohambisana nesikushilo.

"UMthethosisekelo ufuna ukuba zonke izinhlaka zikahulumeni zisebenzisane noMvikeli woMphakathi ekwenzeni ngempumelelo umsebenzi wakhe…Uma sesiqedile ukuwufunda sizobe sesihambisa izethulo zethu kuMvikeli woMphakathi.

"Futhi uma sesiwutholile umbiko wokugcina sizophawula,” usho kanje.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.