Ibhekene nezinkinga iBig Nuz - Umbiko

2016-07-10 11:01

Durban - Abaculi ababili beqembu lomculo weKwaito iBig Nuz kubukeka sengathi babhekene nezinkinga, umbiko.

Imithombo yeSunday Sun ithi uMzi Tshomela, odume ngelika-“Danger”, akazi ngekusasa lakhe.

Lokhu kungemuva kokuba kuvel ukuthi “uMampintsha”, okunguMandla Maphumulo igama lakhe langempela, kuthiwa umatasa ngezinto zakhe eziseceleni nosekushiye uDanger edunguza ebumnyameni.

“UMampintsha umatasa ngezinto zakhe, akanandaba nokuthi yenzani iBig Nuz.

Funda nalolu daba: Usaziwayo uwachithile awokubuyelana nesoka lakudala

“Ugxile kwi-West Inc Company, esisayinise umculi uBongekile Simelane odume ngelika-“Babes Wodumo”.

Kuthiwa ngisho esenandisa kwezinye izindawo useke anandise yedwa uMampintsha noma noBabes Wodumo, engekho uDanger.

“Lokhu kuyamkhathaza uDanger kanti uzibuza nokuthi ucula ziphi izingoma uma eqashwe ezimele njengoMampintsha,” kusho omunye umthombo.

UDanger walile ukuphawula wathi ufunwa ukwazi ukuthi ingobani le mithombo esho zonke lezinto.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.