IBhova Lenkani lithi hlala ulindele ubugagu baseMadletsheni

2017-06-07 11:01

Durban - UMandla Zuma odabuka endaweni yaseMdletsheni kweseGcokama Elisha esgodini saseManzibomvu uthi uze ngengoma kuphela kuMaskandi.

UZuma odume ngeleBhova Lenkani waqala ukudlala ingoma ngo-2009 esafunda isikole waze wenza i-demo yakhe yokuqala ngo-2014 ezisebenzela ngayedwana.

Ukuzimisela kwakhe kulo mculo kwamvulela amathuba amahle njengoba waze wamenywa nasoKhozini ohlelweni iSibhukuda kwesiManzonzo lapho aveza khona ukuthi usesebenza nenkampani eyaziwa ngokuthi wuBumbano Productions.

Le nkampani iyona iyaziwa kakhulu ngokufukula ithalente elisha kubaculi abangamavukane ibaqhakazise nabo bathole amathuba afanayo nalabo abayizinkakha kulo mculo.

OLUNYE UDABA:IGcokama engozini yemoto - kushone abathathu

Leli Bhova lijoyine le nkampani ekuqaleni kwawo lo nyaka, ngemuva kokushaya emakhanda inqwaba yamavukane abefuna ukuzitholela indawo kuyo le nkampani.

Ngokusho kukaMenziwa Biyela ongomunye wabaphathi kule nkampani, leli ciko lifike noshuni walo ohlukile futhi lizenzela into yalo lodwa lingabheke muntu.

"Kukhona abaculi abavelele abazosebenza nalo leli Bhova njengoba limatasa ngokwenza icwecwe lalo okulindeleke ukuba liphume ngenyanga kaNtulikazi," kusho uBiyela.


Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.