Ibhungu livume elokubulala umzala walo, lagqiba isidumbu

2017-11-21 14:00

Cape Town - Ibhungu elineminyaka engu-19 ubudala lakuSt Simon Street, eLavender Hill, livele eNkantolo yeMantshi yaseWynberg ngemuva kwezinsolo zokubulala umzala walo lase limgqiba emuva kwendlu yakubo.

Kusolakala ukuthi lesi sigameko senzeke ngoLwesihlanu olwedlule. Izakhamuzi zisale zimangele ngoMsombuluko ngesikhathi kufika amaphoyisa ezoklama leya ndawo ngemuva kokuthola umkhondo.

Okhulumela amaphoyisa aseSteenberg uWarrant Officer John Bartlett uthe leli bhungu libhoboke komunye umuntu lamtshela ukuthi libulale umzala walo.

"Ufakazi ube esethinta amaphoyisa aseSteenberg abe esenikela kumsolwa, wafike wavuma nasemaphoyiseni ukuthi ubulale umzala wakhe. Ube esekhomba lapho egqibe khona isidumbu.

OLUNYE UDABA: Sitholwe ethuneni elingashoni isidumbu sendoda ebidukile

"Umsolwa ube eseyiswa esiteshini samaphoyisa kwenzelwa ukuphepha kwakhe, ngesikhathi amaphoyisa ematasa emba isidumbu. Isidumbu sikaLlewellyn Petersen, 37, sitholakale lapho kukhombe khona umsolwa.

"Kube sekuthathwa isitatimende ngesikhathi umsolwa evuma icala, kwaboshwa abasolwa ababili; oneminyaka engu-19 nengu-25 ubudala," esho.

Kusolakala ukuthi imbangela yalesi sigameko imayelana nengxabano yomndeni.

Kunxuswa noma ngabe ngubani onolwazi ngalesi sigameko ukuba ashayele amaphoyisa aseSteenberg kule nombolo: 021 702 9000.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic

Jobs in Cape Town [change area]

Jobs in Western Cape region

HSE Manager

Cape Town
Tumaini Consulting
R550 000.00 - R650 000.00 Per Year

IT Manager (contract)

Cape Town CBD
Communicate Cape Town IT
R330 000.00 - R458 000.00 Per Year

Reporting Accountant

Cape Town
Network Finance Professional / Prudential
R310 000.00 - R360 000.00 Per Year

Property [change area]

There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.