IBig Nuz ichithe isimemo se-IFP ngenxa ye-ANC - Umbiko

2016-07-27 10:00

Johannesburg - Iqembu lomculo, iBig Nuz lichithe isimemo se-IFP sokuyonandisa emcimbini ozobasoLundi ngeSonto wokukhankasela ukhetho, kubika iSolezwe.

IBig Nuz kubikwa ukuthi ibiyingxenye yabaculi abebehlelelwe ukuba banandise kulo mcimbi okubalwa kubona noKhuzani, Qhoshangokwenzakwakhe neGcokama eLisha.

Kuthiwa leli qembu lo mculi lichithe icimemo nakuba isikhangiso somcimbi esinalaba baculi besesikhishiwe, kubika iphephandaba.

Funda nalolu daba: Owesifazane uvume elokubulala indodakazi

IBig Nuz iyingxenye yabaculi asebaphumela obala ngokuthi bangamalungu kaKhongolose, kanti kumanje bamatasa nemikhankaso yaleli qembu njengoba kubhekwe okhethweni lohulumeni bezindawo.

U-DJ Tira kuthiwa uthe abasichithanga isimemo ngoba kungese-IFP kodwa yingoba besebemenywe komunye umcimbi.

Usihlalo we-IFP uBlessed Gwala uthe bayaxolisa kuBig Nuz ngokukhipha isikhangiso esinabo ekubeni besingakaphothulwa isivumelwano.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.