Ibilele ngaphansi kwetafula ingane obekuthiwa ithunjiwe

2017-01-25 11:34

Pretoria – Kube nesiphetho esihle ukuthungathwa kwengane obekukholakala ukuthi inyamalele noma ithunjiwe ePitoli.

Empeleni ingane yentombazane eneminyaka emine ubudala yaseGarsfontein ibingathunjwanga futhi ibinganyamele – kodwa izumeke ngaphansi kwetafula icashele uyise, kubika i-Netwerk24 .

Ngokombiko wokhulumela iNetcare 911, u-Athlenda Mathe, bangaphezu kwabangu-50 abantu ebebesiza ekuthungatheni le ngane, okubalwa kubona amaphoyisa nonogada nabezimo eziphuthumayo.

UMathe uthe ingane ijwayele ukudlala umacashelana noyise nsuku zonke uma efika ekhaya ebuya emsebenzini.

OLUNYE UDABA: Uselala obenyoni ngenxa yezono zikamzukulu

"Kodwa kulokhu ingane icashe kahle ngaphansi kwetafula yenzela ukuthi uyise angayitholi.”

Abazali bayo bebecabanga ukuthi ingane yebiwe.

Unina welashelwe ukwethuka endaweni yesehlakalo.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.