Ibisivele yonakele intombazane eyayisola umfana ngokuyithathela ubuntombi

2017-02-06 10:01

Durban - Uvutha engabaselwe umbhishobhi webandla leZayoni waseMadwaleni eMpendle, ofuna kugezwe umuzi wakhe emuva kokuba kusolwe indodana yakhe ngokuthatha ubuntombi bentombazanyana ehlolwayo kule ndawo. 

Kuthiwa lukhulunyelwa phansi lolu daba kule ndawo njengoba uMbhishobhi weNkosithathi Zion Church ophinde abe ngusihlalo weNkanyamba, okuyinhlangano elwa nokwebiwa kwemfuyo, uMnu Tallman Zuma.

Lo Mbhishobhi ufuna kugezwe indodana yakhe, 14, ngezinkomo ezintathu nezimbuzi ezimbili ngokungcoliswa kwegama layo, "kusengwa ezimithi" kuthiwa ithathe ubuntombi bentombazane yasendaweni engeke idalulwe ngenhloso yokuvikela isithunzi sayo. 

Lolu daba kuthiwa selubikiwe nasenduneni yendawo, uMnu Sam Zuma kanti kulindeleke ukuba lungene esigcawini senkantolo yeNkosi Simphiwe Zuma ngoLwesihlanu - zili-10 kuNhlolanja  lapho kuzophuma khona isinqumo.

Umthombo uthi kunesigameko lapho enye intombazane ike yahlolwa yabuya nechashaza elisho ukuthi isabugcinile ubuntombi bayo kodwa kwavela ukuthi isinezinyanga ezintathu izithwele.

OLUNYE UDABA: Ubulawe umphakathi 'owadubula' abantu ethaveni

"Le ntombazane ngesikhathi ihlolwa, kutholakale ukuthi kayiseyona intombi nto okuthe uma ibuzwa yaveza ukuthi yoniwe ngumfana kaZuma. Ngokuzwa kwami naye uZuma ubikeliwe ngalokhu wabe esenquma ukuba abakubo kwentombazane baye kwakhe zili-15 kuMasingana bayobika ukuze ezohlawula uma kumele ahlawule. Kuthiwa kabazange baye abakubo kwale ngane nabahlola izintombi ngalolu suku ngoba bese kuvelile ukuthi ibiqamba amanga. 

"UZuma ube eseyobikela induna ngalolu daba. Kuthiwa ngisho enkonzweni esonta kuyona, kade yayekiswa ukugida nezintombi ngoba ngokomthetho webandla, umuntu ongaseyona intombi akavumelekile ukuba agide nazo," kusho umthombo wephephandaba iLanga.

Lo mthombo uqhubeke wathi  konke lokhu kwenzeke ingakahlangani naye lo mfana nokwenza kube khona imibuzo ngokuhlolwa kwezintombi ngoba phela ibisaqhubeka nokuhlolwa yize kade kwavela ukuthi sekonakele.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.