Ibiyoshunqiselwa impepho ingane obekuthiwa ithunjiwe

2017-03-13 12:32

Durban - Ibiyoshunqiselwa impepho eGreytown, maphakathi neKwaZulu-Natal kubo kayise wayo wangempela ingane ‘eduke’ ngoLwesihlanu kudunwa imoto kanina, okugcine ngokuthi aboshwe nowesilisa okukholakala ukuthi nguyise wayo.

ILANGA lithole ngemithombo yalo engashayi eceleni - esondelene nabazali bale ngane - ukuthi ukuntshontshwa kwayo bekuhlelwe ngunina, uNkk Sbongile Mbambo, 34, nesoka lakhe, 26, - ILANGA elinalo igama lalo.

Kuthiwa selokhu izelwe ingane ibihlupha, ikhala ibe luqanduqandu ihlula ngisho isishunqiselwe izinyamazane. Kuthiwa uNkk Mbambo ubebhekene nenkinga enkulu yokuthi uzophuma kanjani kumyeni wakhe, uMnu Funokwakhe Mbambo, nengane enenyanga izelwe uma eseyoshisela ingane impepho eGreytown njengoba uMnu Mbambo ubazi ukuthi ngeyakhe ingane.

Baboshwe nomunye wesifazane, 23, - leli phephandaba elingeke lilidalule igama lakhe njengoba bevela namhlanje ngoMsombuluko eNkantolo yeMantshi yaseThekwini - okuthiwa ubeqashelwe ukuba ngumzanyana ngesikhathi iyoshunqiselwa impepho njengoba uNkk Mbambo ebengekho.

Umthombo uveza ukuthi into ebambise abasolwa, wumehlokaboni ka-R250 000 okhishwe ngamaphoyisa, wabaphithanisela ngamakhanda bawuconsela amathe.

OLUNYE UDABA: ICosatu ibekele uNgqongqoshe isonto ukuba esule esikhundleni

Le mali kuthiwa ibajike imiqondo, uNkk Mbambo nesoka lakhe, bahlela ukuthi mabayiveze ingane kube sengathi itholwe yisoka ukuze bezothola imali.

UNkk Mbambo kuthiwa usuke nengane eGreytown ehamba nomzanyana noyise wayo, bafonela amaphoyisa bazenza abantu abanolwazi lokuthi ingane ifihlwephi.

Bebehlele ukuthi uma sebezohlangana namaphoyisa uNkk Mbambo uzokwehla emotweni angamboni kanti bazolahlwa ngelakubo bahlangane nawo engakehli.

Kuthiwa amaphoyisa abalahlise umkhondo ngendawo abebevumelene ukuthi bazohlangana kuyona, okwenze babathola besenoNkk Mbambo.

Abasolwa bavele enkantolo namahlanje ngoMsombuluko, kanti icala lihlehliselwe uLwesithathu njengoba kusalindwe kuhlolwe ulibofuzo futhi uMbuso ubusahlanganisa uhlu lwamacala abathweswe wona abasolwa.

Kuthiwa ngaphambi kokuqhubeka kwecala kuzomele kuqalwe ngokuthi kwenziwe ulibofuzo ngenxa yokuthi nokungabaza ngokuthi ubani uyise wengane

Icala lihlehliselwe uLwesithathu.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.