Iboshiwe indoda ekhumule yanqunu ebhanoyini, yazimeteza

2018-03-05 18:01

Kuala Lumpur - Abagibeli bebhanoyi abebesuka eMalaysia belibangise eBangladesh babukiswe ibhayisikobhu abangafisi ukuphinde bayibone ngesikhathi indoda inqume ukukhumula ibenqunu, yaziwotawota maqede yachamela phezu kwesihlalo sayo ngaphambi kokuhlasela isisebenzi sasebhanoyini.

Ngokushio kweCoconuts, lesi sigameko esishaqisayo senzeke ebhanoyini iMalindo Flight OD162 ebelisuka eKuala libheke eDhaka ngoMgqibelo.

Le ndoda igama layo elisezinkundleni zokuxhumana nguDidar Al Mahmud, 20, kanti iyisitshudeni kwenye yamanyuvesi aseMalaysia.

OLUNYE UDABA:Amadoda akhelwe ikamelwana 'lokuzimeteza' edolobheni

Ngokusho kwemibiko, u-Al Mahmud uqale wakhumula esahlezi phansi esihlalweni sakhe ngaphambi kokuzimeteza ebuka amafilimu ocansi kumakhalekhukhwini wakhe.

Abazibonele bathi ube esesukuma eya endlini encane ngaphambi kokubuyela esihlalweni sakhe asichamele.

Ngesikhathi abasebenzi basebhanoyini bekhuluma naye bemtshela ukuthi akagqoke, kubikwa ukuthi uvele wabhoka ngolaka kwaphoqeleka ukuba aboshwe uhambo lonke.

Le ndoda ibe isigaxwa ozankosi ngesikhathi ibhanoyi lihlala eBangladesh.

Khonamanjalo, abakwa-Milando Air badlulise umyalezo enkundleni yezokuxhumana iFacebook ngesigameko.

 - Facebook:

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.