Iboshiwe indoda eshise umuzi wentombi ngoba yaliwa

2017-10-16 12:31

Kimberley - Kuboshwe indoda ngezinsolo zokuthungela ngomlilo indlu yentombi ngemuva kokuba iyitshele ukuthi ayisayifuni.

Umsolwa, odabuka eCongo, kuzwakale ukuthi uyisongele ngokuyibulala intombi bese eyazibulala naye uma iqhubeka nezinhlelo zayo zokumala.

Lo wesifazane ngenxa yokwesaba ube esecasha ku-wardrobe kwelinye lamagumbi okulala emzini wakhe okuSwallow Street, eRoodenpan, ekuseni ngeSonto.

OLUNYE UDABA:Kuboshwe isoka ngokudutshulwa kowesifazane eNgcinusizi

Lo wesifazane ukwazile ukuba aphume ngewindi ngaphambi kokuba kungqongqe umuzi.

Okhulumela amaphoyisa uCaptain Bashoabile Kale, uthe amaphoyisa aseRoodepan aphenya icala lokushisa.

"Kuboshwe indoda eneminyaka engu-32 ubudala edabuka eCongo kanti kulindeleke ukuba ivele enkantolo maduze kulandela ukushisa umuzi wentombi ngeSonto ekuseni ngezithuba zabo-06:00 kuSwallow Street, eRoodepan.

"Bekungekho muntu endlini ngesikhathi kusha futhi ayikho nemibiko yokulimala kwabantu evelile," kusho uKale.

 - Diamond Fields Advertiser

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.