Iboshiwe indoda ngokutholakala notshwala obungekho emthethweni eMlazi

2017-02-09 16:00

Durban - Kuboshwe indoda eneminyaka engu-42 ubudala okusolwa ukuthi ivubela utshwala obungekho emthethweni emzini wayo endaweni yaseMlazi.

Namuhla amalungu ethimba le-Provincila Tactical Response aphuthume emzini oseMlazi esigcemeni sakwa-C lapho okutholakale khona utshwala obungekho emthethweni.

Kubenzima ukuthi amaphoyisa akwazi ukungena ngaphakathi njengoba kubiyelwe ngothango olude.

OLUNYE UDABA: Sesihoxisiwe isinqumo sokwelula amahora okudayisa utshwala

"Ngesikhathi amaphoyisa esengaphakathi abe eseqala ewusesha umuzi, ngaphakathi nangaphandle athola izinhlobonhlobo zikagologo zipakishwe emabhokisini," kusho owamaphoyisa uColonel Thembeka Mbhele.

kuvele kwacaca ukuthi lo muzi usetshenziselwa ukuvumela utshwala obungekho emthethweni, esho.

Ngokwesitatimende samaphoyisa inani lalobu tshwala linganiselwe emalini engu-R65 000.

Umnikazi womuzi ube eseboshwa kanti uzovela eNkantolo yeMantshi yaseMlazi ngoLwesihlanu, ngomhlaka-10 Febhuwari.

IBamba leKhomishana wamaphoyisa aKwaZulu-Natal uMajor-General Bheki Langa, lithe lobu tshwala obuvutshelwa emakhaya sebubulale abantu abaningi ngaphambilini wanxusa amalungu umphakathi ukuba aqaphele uma uthenga utshwala ebantwini abathi bushibhile.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.