Ibukeka isekude ukuphela eyomaskandi abangabhekani

2016-05-16 14:30

Durban – Kubukeka kusekude ukuphela ukungaboni ngasolinye phakathi kwenyanga uBhaka Nzama nomculi kamskandi osafufusa uStayela Khanyile.

Kuthiwa lokhu kungemuva kokuthi uStayela evele washiya isitebele sikaBhaka isigubhukane.

Ngesonto eledlule uStayela akazange avunyelwe ukuba anandise emcimbini iGospel vs Maskandi Festival, oLundi, KwaZulu-Natal.

Kubikwa ukuthi uBhaka washayela abagqugquzeli balo mcimbi ucingo, wabasabisa ngokubathathela izinyathelo zomthetho uma uStayela evunyelwa ukugibela esteji.

UStayela nemenenja yakhe, uZama Shezi, bazama ukuncenga abagqugquzeli bomcimbi kepha kwazihlanga zimuka nomoya.

OLUNYE UDABA: Indida uStayela ethi waphoqwa ukuzenza iNdidane

Omunye wabagqugquzeli, uMdonso Ngcobo, uthe: “Kwafona umuntu ongaziwa wathi uma sivumela uStayela anandise uzosithathela izinyathelo zomthetho. Sabe sesiphoqeleka ukuba simise uStayela.”

Imenenja kaStayela ikuqinisekisile lokhu.

Ethintwa uBhaka uthe wayengazi nokuthi uStayela wayezonandisa, wathi akasoze anqabele omunye wabaculi bakhe ukuthi anandise uma eqashiwe.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.