Ibulawe wumbani ebicashe phansi kwesihlahla libanika

2016-11-11 07:00

Johannesburg - Njengoba kunezimvula ezinamandla esifundazweni iGauteng abosizo lokuqala sebeqinisekise ukuthi kushone indoda ngemuva kokushaywa wumbani eVanderbijlpark.

Kukholakala ukuthi le ndoda ebalelwa emnyakeni eko-30 ubudala ibicashe ngaphansi kwesihlahla ngesikhathi libanika ngoLwesine ntambama.

OLUNYE UDABA: Izikhukhula zibulale 9 ekhaya labadala

NgoLwesithathu, kushone abantu abayisithupha ngesikhathi kunezikhukhula eGauteng kanti namanje ingane eneminyaka emithathu ubudala emuke nezikhukhula ibingakatholakali.

Khonamanjalo, baphenduke amaqhawe abashayeli bamaloli ababeke impilo yabo engcupheni ukusindisa abantu eGoli.

Azanele izibongo okungabongwa ngazo ubuqhawe bukaLucas Boda kanye noVuyani Dingiswayo abangabashayeli bamaloli ahamba amabanga amade.

Womabili la madoda abezihambela ngamaloli awo ku-N3 ngaseLinksfield ngoLwesithathu emini ngesikhathi imvula enamandla idala izikhukhula, ase ebona kubalulekile ukusiza ekutakuleni abantu abebegwiliza.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.