Cape
Town – IFree State Stars Football Club isiqinisekisile ukuthi asiphumelelanga
isivumelwano sokuthi badayise indawo yabo ku-PSL.
Lesi
sivumelwane sethimba elaliholwa nguNgqongqoshe wezeMfundo eGauteng, uPanyaza
Lesufi, kuthiwa sibhuntshe ngoba leli thimba lehlulekile ukukhokha imali
ebekuvunyelwene ngayo ngesikhathi.
OLUNYE
UDABA: UKadodia uphika ezithi iSwallows izothenga iqembu lakhe
Lokhu
kuchaza ukuthi iFree State Stars izoqhubeka nokuhlala ku-PSL.
USihlalo
weFree State Stars Football Club uMike Mokoena ubonge i-PSL ngokubanikeza
ithuba lokubuyekeza isiphakamiso sikaLesufi.