Icala alingathweswa isitshudeni kuphela, kusho iPhalamende ngoluka-R14m

2017-09-14 18:00

Cape Town - Isitshudeni sasenyuvesi iWalter Sisulu University (WSU) esasebenzisa imali engu-R818 000 kwengu-R14 million esafakelwa yona ngephutha kwi-akhawunti yaso, akufanele sithweswe sodwa icala, kusho isitatimende sekomidi ePhalamende ngoLwesine.

USihlalo wekomidi uConnie September, uthe phakathi kwenkampani i-Intellimali, yiNational Financial Aid Scheme (NSFAS), yinyuvesi, iWalter Sisulu University kanye noMnyango wezeMfundo ePhakeme kanjalo nohlelo lwezimali, kukhona omele afakelwe izibuko.

OLUNYE UDABA:Sivulelwe icala lokweba 'isitshudeni sika-R14 million'

NgoLwesithathu, abamele lezi zikhungo bavele ngaphambi kweleli komidi. Akekho noyedwa okwazile ukuchaza ukuthi leli phutha lenzeka kanjani.

Inkampani i-Intellimali, umsebenzi wayo okuwukukhiphela abafundi imali, ithe ayazi ukuthi kwenzeka kanjani ukuthi u-R1 400 uphendudke ube ngu-R14 million.

Abakwa-NSFAS nabe-WSU, nabo abakwazanga ukuphawula ukuthi lokhu kwenzeka kanjani.

Uphenyo luyaqhubeka kanti abakwa-Intellimali bavule icala lokweba emaphoyiseni.

Lo mfundi, uSibongile Mani, kwavela ukuthi wathola le mali ngephutha kepha waqhubeka wayisebenzisa, ephila impilo ephezulu khona ngaphakathi enyuvesi.

Ngokusho kwakhe, uthi wazibikela iziphathimandla ngaleli phutha lisanda kwenzeka.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.