IChiefs ayilugqugquzeli udlame - Kaizer Motaung

2018-04-23 11:04

Cape Town - USihlalo weKaizer Chiefs uKaizer Motaung ukhiphe isitatimende egxeka izenzo zodlame ezibonakale eMoses Mabhida Stadium ngempelasonto.

Lolu dlame lulandele ngemuva kokuthi Amakhosi eguqiswe ngo-2-0 kowandulela owamanqamu weNedbank Cup edlala neFree State Stars ngoMgqibelo ebusuku, abalandeli bahluleka wukubekezela bagasela enkundleni kwase kudaleka isiphithiphithi.

OLUNYE UDABA: BUKA: Izixhwanguxhwangu zeChiefs zishaye owesifazane waquleka enkundleni

Abalandeli badabule konogada abebeqaphile enkundleni baphinde bacekela phansi impahla enkundleni kanjalo neyabasakazeli.

Kuthe ngemuva kokukhala kwempempe, iChiefs yaqinisekisa ukuthi uSteve Komphela usesulile njengomqeqeshi wekilabhu.

UMotaung uveze ukuthi iChiefs ayilugqugquzeli nakancane udlame.

Khonamanjalo, uSihlalo wePremier Soccer League, u-Irvin Khoza, kulindeleke ukuba akhulume nabezindaba namhlanje ngo-12:30.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.