IChiefs icacisa ngodaba lukaLebese

2017-08-07 14:02

Johannesburg - Kuzocaca namuhla (ngoMsombuluko) ngekusasa lomdlali weKaizer Chiefs okuvela ukuthi ufake isicelo sokushiya kule kilabhu.

IMamelodi Sundowns ayizibekile phansi emakethe selokhu ivule ngeledlule ukuqala amalungiselelo esizini entsha.

Imangaze abathandi bebhola isayinisa ukaputeni we-Orlando Pirates, u-Oupa Manyisa, obesehlale iminyaka engu-8 kule kilabhu.

Kuthiwa njengamanje imatasa ifuna uGeorge Lebese odlala esiswini kwiChiefs. Kuthiwa ithembisa ukuwuphinda kabili umholo abewuthola kule kilabhu.

Kuthiwa kwiChiefs ubehamba no-R150 000 zinyanga zonke.

Iphephandaba ILANGA lithole ukuthi namuhla ngoMsombuluko iChiefs izoba nomhlangano lapho izocacisa khona ngekusasa likaLebese.

Kuthiwa emuva kwalo mhlangano izobe isimemezela ukuthi lo mdlali uyahamba noma uyahlala.

OLUNYE UDABA: Usehumile esibhedlela owayengumdlali weChiefs

Iphephandaba lishayele uBobby ‘Bobsteak’ Motaung oyiMenenja Jikelele yeChiefs ngalolu daba, wavuma ukuthi namuhla bazohlanza konke ngekusasa likaLebese neChiefs.

“Bekufanele siqede ngendaba kaLebese ngeledlule kodwa ngenxa yokuthi besinomdlalo neChippa United e-East London  sangakwazi.

“Njengoba ngikhuluma nawe nje yima sisuka e-East London sibheke eJozi. Ngicela ungidlulisele lo myalezo kubalandeli bethu, kusasa (ngoMsombuluko) sizoveza konke ngoLebese ngekusasa lakhe ekilabhini.

“Ngiyacela nje ukuthi behlise imimoya ngalo mfana. Amalungiselelo okuqala kwesizini siwaqedile manje asikwazi ukuvula isizini ngezinkinga yingakho kufanele siqede ngale nto ngokushesha,” kusho uMotaung.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.