IChiefs ichithe umgadli obezozama inhlanhla

2017-08-05 09:12

Cape Town - IKaizer Chiefs kubikwa ukuthi inqume ukungamsayini umgadli uDarren Lurie kulanela isikhathi eseluliwe asichithe namaGlamour Boys eNaturena.

Amakhosi abelokhu ehlola abadlali abathathu abebezozama inhlanhla nalapho uLurie, u-Arnaldo Gomes kanye noJonatan Philippe nabebehlolwa umqeqeshi uSteve Komphela kanye nethimba lakhe labaqeqeshi.

OLUNYE UDABA: I-PSL isikhiphe i-fixture yesizini ka-2017/18

Kodwa-ke uGomes utshelwe ngaphambilini kuleli sonto ukuthi ikhono lakhe alizukudingeka kuChiefs kanti manje kubukeka sengathi uLurie naye usebhekene nenkinga efanayo ngemuva kokuthi ayeka ukuziqeqesha nalezi zinkunzi zaseSoweto.

Lo mdlali owayedlalela iMpumalanga Black Aces (manje osuyiCape Town City) kanye neMoroka Swallows kulindeleke ukuthi afune iqembu elisha azodlala kulona.

Lo mdlali oneminyaka engu-25 ubudala izinto bezilokhu zingamhambeli kahle ngemuva kukungatholi kahle isikimu ngesikhathi esikwi-Aces kanye neSwallows. Lo mgadli unegoli elilodwa nje vo ebholeni elikhokhelwayo alishaya iHapoel Afula yaseGreece.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.