IChiefs ijikelwa yisithenjwa somdlali

2017-01-22 17:04

Durban – Isafeyila imizamo kaBobby Motaung oyiMenenja yeKaizer Chiefs yokugcina kule kilabhu uMulomowandau “Tower” Mathoho ogaqelwe amaqembu ase-Europe.

IChiefs ibhekene ngeziqu zamehlo noMathoho ophelelwa yinkontileka uma kusongwa isizini.

Lo mdlali kuke kwaqhamuka amakilabhu amaningi aphesheya emfuna kodwa iChiefs inqabe naye, ithi isamudinga, kubika ILANGA langeSonto.

Ngesizini eyedlule uMathoho uvelelwe yishwa elimala ngesikhathi sekufanele ayozama inhlanhla kwenye yamakilabhu ase-Europe.

Leli phephandaba lithole ngemithombo yalo engaphakathi kwiChiefs ukuthi uMotaung ubizelwe emhlanganweni ophuthumayo umphathi kaMathoho, uTim Sukazi, kubhungwa udaba lwenkontileka yalesi sitobha.

OLUNYE UDABA: UMashamaite uphe uMathoho umklomelo wakhe

Nokho kuthiwa uSukazi umtshele eziqwini zamehlo uMotaung ukuthi lo mdlali akazimisele ngokudlala eNingizimu Afrika, usefuna ukuthuthukisa ikhono lakhe e-Europe.

Kanti kuthiwa neMamelodi Sundowns nayo ayizibekile phansi njengoba igabisela uMathoho ngetshe lemali, neChiefs nayo izama wonke amaqhinga ukumgcina njengoba nayo imethembisa imali eningi.

Into ekhalisa uMotaung kakhulu ukuthi uMathoho angase ahamsbe mahhala ekubeni sebechithe eningi imali bemholela.

Ethintwa uMotaung ukhale ngokuxinwa wumsebenzi, kanti uSukazi akatholakalanga ukuba aphawule.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.