Johannesburg - IKaizer Chiefs inezinhlelo zokwelula
inkontileka kaWillard Katsande, ngenhloso yokumgcina kuleli qembu isikhathi
eside.
Lo mdlali waseZimbabwe uzophelelwa
yinkontileka yakhe ekupheleni kwesizini ezoqala.
Funda nalolu daba: Kuthiwa abanye abadlali abajabule kwiDowns
Umthombo
osondelene neChiefs utshele iSoccerLaduma ukuthi iqembu lifuna ukuyelula
inkontileka yalo mdlali obalulekile eNaturena, kubika iKickOff.com.
Amakhosi anethemba
lokuqalisa izingxoxo zenkontileka entsha ngokushesha ukugwema ukuba lo mdlali
akhulume namanye amaqembu kuqala.
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela
IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).