'IChiefs ingaqasha noma yimuphi umqeqeshi kodwa ngeke ubekhona umehluko'

2018-04-11 12:43

Johannesburg - Njengoba amathemba eKaizer Chiefs okuthatha isicoco seligi ephinde ehla ngempelasonto, kulandelwa ukwehlulwa yiChippa United, omunye walabo ababedlalela le kilabhu ukhathazekile ngesimo sayo.

Nakuba ngokwezibalo iChiefs isangasithatha isicoco, ukwehlulwa kwayo ngo-3-0 idlala neChippa kususe umsindo, njengoba abanye babalandeli bengeneme ngokwenzakalayo.

“Ngike ngasho phambilini, futhi ngisasho namanje, iKaizer Chiefs iyigama elikhulu. Kunento ebidume ngokwenziwa yile kilabhu eminyakeni edlule. Isibonelo, ngaphambi kokusayinisa umdlali kwiChiefs, bekuvame ukuba kubhekwe ukuthi uzokwazi yini ukudlala ibhola layo. Kulolu hlelo kwakungabhekwa umdlali osefomini noma ukuthi ugijima kangakanani, kodwa kwakubhekwa ukuthi uzokulungela yini ukudlalela iChiefs. Kubalulekle ukulandela lolu hlelo,” kusho lowo owayengumdlali weChiefs uJunior Khanye kwi-Siya crew.

Kulandela ukwehlulwa yiChippa ngempelasonto, abanye babalandeli beChiefs beveze ukungenami kwabo ngomqeqeshi uSteve Komphela, eFNB Stadium.

OLUNYE UDABA: BUKA: Abalandeli beChiefs beshaya abadlali nabaqeqeshi

 “Ngiyaxolisa ngalokhu, kodwa abanye babadlali kwiChiefs abakufanele ukuba kuyona ngokwami ukubona. Akulona iphutha likaSteve. Umqeqeshi akenzanga lutho olubhedayo. Kunabadlali okumele benyuse amasokisi. USteve udlalisa abadlali ababone benza kahle ejimini. Ungangizwa kabi, abadlali bona basezingeni eliphezulu, kodwa hhayi kweleChiefs. Bangenza kahle kwamanye amakilabhu.

"Abanye abadlali sasicabanga ukuthi bazovuka ngesizini yabo yesibili kule kilabhu, kodwa lutho namanje. Lokho akwamukelekile. Ungaletha noma yimuphi umqeqeshi kwiChiefs njengamanje, angikholwa ukuthi uzoba khona umehluko,” kusho uKhanye.

UKhanye ubalule u-Itumeleng Khune noSiphiwe Tshabalala njengabadlali okumele abafana abancane babukele kubona ukuze ikilabhu iphumelele.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.