IChiefs ingase imangalele uKhune

2016-11-08 13:35

Johannesburg – IKaizer Chiefs ibheka ukuhlawulisa unozinti wayo, u-Itumeleng Khune, ngokusayina isivumelwano sokukhangisa imikhiqizo engazange athole imvume ekilabhini, ngokusho kwemibiko.

UKhune waba ngomunye wabadlali abahola kakhulu eNingizimu Afrika ngenkathi esayina inkontileka entsha namaGlamour Boys ngoJulayi kunyaka ka-2015, futhi kubukeka sengathi inkontileka yakhe iyamvimbela ekusayineni nabaxhasi abasha ngaphandle kokunikwa imvume yiqembu.

Ngokombiko we-Sunday World, lo mdlali oneminyaka engu-29 ubudala ubhekene nokumangalelwa ngokwezomthetho yile kilabhu emuva kokusayinda isivumelwano neDanup yogurt.

UKhune ubelokhu ebonakala eseka lo mkhiqizo emakhasini akhe ezinkundla zokuxhumana.

OLUNYE UDABA: Imaneja ichitha okushiwo iChiefs ngoKhune

“UKhune uphule inkontileka yomsebenzi neChiefs ngokuthi asayine isivumelwano sokukhangisa ngaphandle kwemvume yeChiefs,” kusho umthombo ongafunanga ukudalulwa njengoba ucashunwe kuleli phephandaba.

“Uyimpahla yekilabhu futhi akakwazi ukuhambe eseka imikhiqizo engahambisani nekilabhu, ngaphandle kwezibusiso zekilabhu.”

Okunye okuthiwa kucasule kakhulu abaphathi beKaizer Chiefs ukuthi uKhune wathatha isithombe nozakwabo kuleli qembu, uKeagan Buchanan kanye noGeorge Maluleka, nalapho babekomunye umcimbi wokukhangisa ngalo mkhiqizo.

Okhulumela iDanone, uSandra Dorville, unqabile ukudalula eminye imininingwane ngenkontileka abanayo nalo nozinti weBafana Bafana, wathi isivumelwano sabo asibavumeli ukuba badalule okuqukethwe kule nkontileka.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.