Cape Town – IMenenja yeKaizer Chiefs, uBobby Motaung,
usekhiphe ezakamuva mayelana nabadlali abangase bashiye kuleli qembu kanye
nabasha abangase balijoyine maduze njengoba kuvuleka iwindi lokuthengwa kanye
nokudayiswa kwabadlali.
AMakhosi aqinisekise ukuthi anezingxoxo neBloemfontein Celtic ukuze kubolekiswe umgadli wawo, uSiphelele
Mthembu.
OLUNYE UDABA: Umdlali weChiefs uchaze iqembu lase-Europe
“Izingxoxo neCeltic
ngesivumelwano sokubolekisa sezisesigabeni esiphezulu. Sithemba ukuthi sizophothula
isivumelwano maduze,” uMotaung udalule ku-website yale kilabhu.
Phakathi kwabadlali abenza
inhlolokhono kuMakhosi kubalwa umgadli waseVenezuela, uGustavo Paez;
kanye nabadlali basemuva, uPedro Henrique Dias de Amorim waseBrazil kanye noMiracle Gabeya
waseMalawi.
“Sesibuyisele umdlali wase-Ivory coast, u-Ismael Olivier Traore, emuva eqenjini lakhe. Sizohlola abadlali abasele
esontweni elizayo ngaphambi kokuba sithathe isinqumo.”
Khonamanjalo, isitobha saleli qembu, uLorenzo Gordinho, obesanda kwelula
inkontileka yakhe nalezi zinkunzi zaseSoweto, usebuyile eNingizimu Afrika
njengoba kade eyokwenza inhlolokhono e-Europe.
Kodwa-ke uMotaung uthi
okwamanje bebengakaxhumani neqembu laseDenmark, i-Aalborg BK,
ngomphumela wenhlolokhono yakhe.