IChiefs ithi ibingeke imvimbe uLebese ngokujoyina iSundowns

2017-08-11 09:30

Cape Town - IKaizer Chiefs imemezele ukuthi umdlali wayo uGeorge Lebese usekhululiwe ngemali engadalulwanga ukuze ajoyine iMamelodi Sundowns.

“Isivumelwano siphothulwe ntambama (ngoLwesine, ngo-August 10),” iMenenja yeChiefs, uBobby Motaung, uqinisekise kanjalo kwi-website yaleli qembu.

“Simbonile uLebese ekhula nathi futhi simkhulule ngokucela kwakhe.

OLUNYE UDABA: IChiefs ibolekise ngomgadli wayo obekhuhla ibhetshi

“Sijabule ngokuthi izingxoxo zihambe kahle futhi isivumelwano sesenziwe neSundowns.”

Lo mdlali ongowokuzalwa eMamelodi ubelokhu ekumaGlamour Boys kusukela ngo-2008.

“IKaizer Chiefs ayimi endleleni uma ngabe abadlali bezwakalisa intshisekelo yokuhamba,” kuqhuba uMotaung.

“Kuwumgomo wethu. Siyambonga uLebese ngeqhaza lakhe ekuphumeleleni kweqembu futhi simfisela konke okuhle kwazokwenza ngomuso.”

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.