IChiefs izobuyekeza izinkontileka zabadlali abane

2017-02-02 10:02

Cape Town - IKaizer Chiefs isiyenze iziphakamiso zokuvuselela izinkontileka zabadlali bayo ababili abagijima esiswini nokunguWillard Katsande kanye noGeorge Maluleka njengoba ihlose ukugcina laba dlali eqenjini.

UKatsande usengumakadebona womdlali njengoba esenesikhathi eside edlala ngaphambi kwezitobha zeChiefs, kanti noMaluleka ubelokhu ezibonakalisa ukuthi yini angayenzela iqembu.

OLUNYE UDABA: Isithenjwa selule inkontileka neChiefs

IMenenja yamaKhosi, uBobby Motaung, ikuqinisekisile ukuthi izingxoxo ziyaqhubeka ngalaba badlali ababili kanti sekubekwe neziphakamiso etafuleni ukuze kululwe izinkontileka zabo.

Ngaphezu kwalokho, uMotaung uphinde waveza nokuthi ziyaqhubeka izingxoxo ngabanye abadlali baMakhosi ababili, nokunguTsepo Masilela kanye noLucky Baloyi.

“Sisebenza ubusuku nemini ukubuyekeza izinkontileka zikaLucky Baloyi, uWillard Katsande, uTsepo Masilela kanye noGeorge Maluleka,” uMotaung utshele i-website yeqembu.

“Iziphakamiso sezisetafuleni mayelana noKatsande kanye noMaluleka. Silinde uKatsande ukuthi abuye emsebenzini weqembu lesizwe (Afcon) ukuze siqhubeke nezingxoxo. Sibheke ukuphothula isivumelwano noMaluleka ngokuphela kwesonto.”

UKatsande uyena obengukaputeni weqembu lesizwe laseZimbabwe ku-African Cup of Nations, nalapho bakhishwa kulo mqhudelwano esigabeni samaqoqo ngemuva kokubhaxatshulwa yiTunisia.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.