IChiefs izodedela abagadli ababili

2017-02-01 11:30

Johannesburg - IKaizer Chiefs ikuqinisekisile ukuthi isezingxoxweni zokudedela abagadli ababili abehlulekile ukuthola ijezi kuleli qembu.

AmaKhosi amemezele ngosuku lokuvalwa kwewindi lokuthengwa kwabadlali ukuthi ixoxisana no-Edward Manqele kanye noSiphelele Mthembu.

“UManqele noMthembu babenesikhathi esanele sokuzibonakalisa eqenjini,” kusho uBobby Motaung esitatimendeni esikhishwe yiqembu.

OLUNYE UDABA: Ujoyine i-Arrows umdlali wePirates

“Ngeshwa izinto azihambanga kahle. Ngakho-ke sesingene ezingxoxweni zokuqeda umshado nalaba badlali ababili.

“Sinethemba lokuthi konke kuzohamba kahle futhi nalaba badlali bazothola ithuba lokuqhubeka nokudlala ibhola kwenye indawo,” kusho uMotaung.

Phambilini kuvele ukuthi uMthembu sekusele kancane abolekiswe kwiBloemfontein Celtic ngemuva kokuba iChiefs ithe zihamba kahle izinto kodwa iSiwelele yagcina ithathe isinqumo sokungamsayinisi lo mdlali.

- Soccer Laduma

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.