IChiefs kulindeleke imemezele abaxhasi abasha

2017-02-07 13:01

Johannesburg - IKaizer Chiefs kulindeleke imemezele abaxhasi abasha okuyinkampani yezimoto zaseJapan, iToyota.

Ngokusho kwemithombo yeSoccer Laduma, amaKhosi asayine isivumelwano nenkampani yezimoto kanti kulindeleke ukuba konke lokhu kumenyezelwe kuleli sonto.

IChiefs ibixhaswe enye inkampani yezimoto zaseJapan, iNissan, kodwa isivumelwano siphele esikhathini esingangonyaka esedlule kanti kusukela lapho ibilokhu ithungatha abaxhasi abasha bezimoto.

OLUNYE UDABA: UNgqongqoshe ukhalisane nomndeni kaJoost

AmaGlamour Boys kumanje axhaswe uVodacom, Hollard noNike – kodwa noma kunjalo leli qembu lifuna ukusebenzisana noToyota.

Okwamanje akwaziwa kahle ukuthi sizomenyezelwa nini lesi sivumelwano, kodwa kukholakala ukuthi ngeke liphele isonto.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.