'IChiefs kwakumele ivume noParker'

2016-07-25 19:01

Johannesburg - Lowo owake wadlalela iKaizer Chiefs ukholelwa ekutheni leli qembu lenza iphutha elikhulu ngokungayivumeli iBidvest Wits ukuba ithathe iBernard Parker, bona bathole uSibusiso Vilakazi.

IWits yayifuna uParker noGeorge Lebese ngoVilakazi, kepha aMakhosi asinqaba lesi siphakamiso.

U'Vila' usesayine inkontileka yeminyaka emithathu neMamelodi Sundowns, iWits yathola uCuthbert Majlaila noMogakolodi Ngele ngalo mdlali.

OLUNYE UDABA: Sesakudlulisa okwenzeka kwiMTN8 - Parker

“IChiefs kwakumele imdedele uParker, isale noLebese. UParker akasawenzi umsebenzi ohlalele umgadli eqenjini, akawafaki amagoli enele kanti nefomu yakhe yehlile," kusho uHumphrey ‘Cellular’ Mlwane etshela iKickOff.com.

UMlwane uthi uParker useshaywa nayiminyaka, ekubeni uVilakazi esayisiqongqwane.

"Angisho ukuthi uParker usephelelwe ushatini, engikushoyo ukuthi akasekho efomini," esho.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.