‘IChiefs yiyo eyahudula izinyawo ngoMashumba’

2016-07-19 19:01

Johannesburg – Umqeqeshi weJomo Cosmos, uJomo Sono, useveze isizathu sokuthi kungani uCharlton Mashumba agcina engayijoyinanga iKaizer Chiefs.

Kwakungeyona into efihlwayo ukuthi aMakhosi agaqele lo mgadli waseZimbabwe, kepha agcina engamsayinisanga.

USono uthi imenenga yebhola kuChiefs uBobby Motaung nguye owahudula izinyawo ekutheni enze isiphakamiso esisemthethweni ngoMashumba.

OLUNYE UDABA: Asilubhadi ehlathini – Jomo Sono

“IKaizer Chiefs ayizange isenze isiphakamiso esiqondile ngoCharlton Mashumba. Into abanyenza, bangitshela ngomlomo ukuthi bangathanda ukusayinisa lo mdlali,” esho etshela iKickOff.com.

UMashumba uzodlala noCollins Mbesuma kulandela ukuthola inkontileka yeminyaka emithathu kuHighlands.

IHighlands iphinde yasayinisa oThanduyise Khuboni, Eddie Ngalo, Brandon Theron, Khethukuthula Zwane, Edwin Sitayitayi, JP van der Merwe, Augustine Mbara, Seun Ledwaba, Junior Sibande noLebogang Ditsele.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.