ICity inyukele esicongweni ibambana neChiefs

2016-11-30 10:00

Cape Town – Ukudlala ngokulingana kweKaizer Chiefs kanye neCape Town City kwenze leli qembu laseKapa lanyukela esicongweni se-Absa Premiership ngoLwesibili ebuku.

Amagoli kaMitchell Katsvairo kanye noMatthew Sim yiwona enze ukuthi la maqembu abelane ngamaphuzu kulo mdlalo obushisa nalapho aMakhosi andise isibalo semidlalo aseyidlalile engawini yaze yafinyelela kwengu-7 kuyo yonke imiqhudelwano.

OLUNYE UDABA: IBaroka FC iyibambe ngqi iKaizer Chiefs

Ngemuva kwalo mdlalo, ezika-Eric Tinkler zihlele esicongweni ngamaphuzu angu-21 ngemuva kwemidlalo engu-11 yeligi.

AMakhosi yiwona abhakuzise kuqala inethi ngesiwombe sokuqala ngegoli elishaywe nguGeorge Maluleka.

Kodwa-ke izinto ziye zabhimba sekusondele umzuzu ka-30 ngenkathi umdlali weziMpofana wasemuva, uSibusiso Khumalo, ethola ikhadi elibomvu ngenxa yokudlalisa kabi uThamsanqa Mkhize.

Nokho leli qembu laseKapa lihluleke lancama ukugojela lezi zinkunzi zaseSoweto ukuze lizitholele amaphuzu amathathu yize noma besezidlala zingaphelele. 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.